Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
  • Namuhla

ULwesihlanu, Novemba 14

Ukuhloba kwenu makungabi okwangaphandle.—1 Pet. 3:3.

Ukuvumelana nezimo kuyasisiza sihloniphe imibono yabanye. Ngokwesibonelo, abanye odade bayathanda ukufaka i-makeup, kanti abanye abayithandi. Amanye amaKristu ayakujabulela ukuphuza utshwala ngesilinganiso esifanele, kodwa amanye akhetha ukungabuphuzi. Wonke amaKristu afisa ukuba nempilo enhle kodwa akhetha izindlela ezingefani zokwelashwa. Uma sikuthanda kakhulu esikukhethile kangangokuba size sikhuthaze nabanye ebandleni ukuba bakusebenzise, singabakhuba abanye sidale noqhekeko. (1 Kor. 8:9; 10:​23, 24) Ngokwesibonelo, kunokuba uJehova ayilawule ngemithetho eqinile indlela esigqoka ngayo, usinikeze izimiso esingazilandela. Kudingeka sigqoke ngendlela efanela izikhonzi zikaNkulunkulu, sibonise ukucabangela, isizotha ‘nokuhluzeka kwengqondo.’ (1 Thim. 2:​9, 10) Ngakho, asigqoki ngendlela ezosidonsela amehlo. Izimiso zeBhayibheli zisiza nabadala bagweme ukushaya imithetho ngokuphathelene nendlela yokugqoka neyokulungisa izinwele. w23.07 23-24 ¶13-14

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025

UMgqibelo, Novemba 15

Ngilalelisiseni, nidle okuhle, niyothola injabulo enkulu kulokho okucebe ngempela.—Isaya 55:2.

UJehova usibonise indlela esingaba ngayo nekusasa elijabulisayo. Labo abamukela isimemo esivela ‘kowesifazane oyisiphukuphuku’ onomsindo, bagxila ekujabuleleni ukuziphatha okubi abakwenza ekusithekeni. Isiphetho sabo ‘sisekujuleni kweThuna.’ (IzAga 9:​13, 17, 18) Lesi siphetho sihluke kakhulu kwesalabo abamukela isimemo esivela ‘ekuhlakanipheni kweqiniso’! (IzAga 9:1) Sifunda ukuthanda lokho okuthandwa uJehova nokuzonda lokho akuzondayo. (IHu. 97:10) Kuyasijabulisa nokumema nabanye ukuba bazuze ‘ekuhlakanipheni kweqiniso.’ Kunjengokungathi ‘simemeza siphezu kwezindawo eziphakeme zedolobha, sithi: “Noma ubani ongenalwazi, makangene lapha.”’ Izinzuzo esizitholayo nezitholwa yilabo abamukela lesi simemo azipheleli lapha. Zihlala phakade, zisenze ‘siphile’ phakade njengoba ‘sihamba endleleni yokuqonda.’—IzAga 9:​3, 4, 6. w23.06 24 ¶17-18

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025

ISonto, Novemba 16

Owephuza ukuthukuthela ungcono kunendoda enamandla, nolawula intukuthelo yakhe ungcono kunomuntu onqoba idolobha.—IzAga 16:32.

Uzizwa kanjani lapho osebenza naye noma ofunda naye ekubuza ngezinkolelo zakho? Ingabe uyethuka? Iningi lethu liyethuka. Kodwa umbuzo onjalo ungasitshela lokho lowo muntu akucabangayo noma akukholelwayo, usinikeze ithuba lokuxoxa naye ngezindaba ezinhle. Kodwa ngesinye isikhathi umuntu angase asibuze umbuzo ngoba efuna ukuphikisana nathi. Akufanele kusimangaze lokho. Ngoba abanye batshelwe izinto ezingelona iqiniso ngezinkolelo zethu. (IzE. 28:22) Ngaphezu kwalokho, siphila “ezinsukwini zokugcina,” isikhathi lapho abaningi ‘bengafuni sivumelwano’ baze babe “nolaka” nokuba nolaka. (2 Thim. 3:​1, 3) Ungase uzibuze, ‘Ngingahlala kanjani ngizolile futhi nginomusa lapho othile efuna siphikisane ngezinkolelo zami ezisekelwe eBhayibhelini?’ Yini engakusiza? Ngegama elilodwa—ubumnene. Umuntu omnene akasheshi ukuthukuthela kodwa uyakwazi ukuzibamba lapho echukuluzwa noma engaqiniseki ngokuthi aphendule athini. w23.09 14 ¶1-2

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela